Sethula isabelo sezimali sika 2005/06 sikaHulumeni wesiFundazwe saseGauteng ngonyaka esigubha ngawo umkhosi weminyaka engu 50 yesiVumelwano seNkululeko.
Njengokuba sigubha lomkhosi waminyaka yonke, sithe ngalesisabelo sezimali, saba imali ngendlela ezoqhubela phambili kabanzi izinjongo zesiVumelwano seNkululeko futhi sijulise izinzuzo esizitholile kuze kube manje ekwandiseni ukufinyelela kwimpilo enhle nengcono.
Ukusukela ngo 1994, sibe nempumelelo ekutheni sakhe isisekelo esiqinile esingakwazi ukuthi sisusele kuso intuthuko yezinjongo zethu zesu-mgomo lethu. Imiphumela yemisebenzi yethu isiqala ukubonakala ngamandla ngokufinyelela kwabaningi kwizinsizakalo zezenhlalakahle, ngokuphucuka kokwethulwa kwezinsizakalo kanye nangokudlondlobala kwezomnotho. Sinempumelelo ekwakheni umphakathi ongcono esisekelweni esingukulingana nesizotha kubo bonke.
Ukuphumelelisa ukukhula komnotho kanye nokwakheka kwamathuba emisebenzi.
Lesi sabelo sezimali sicacisa ukuthi kuzohlangatshezanwa kanjani namaphuzu obumqoka ngezinhlelo nemikhankaso enhlobonhlobo kaHulumeni wesiFundazwe saseGauteng kuminyaka yezimali emithathu ezayo.
Isu-mgomo ledlondlobalo neNtuthuko yaseGauteng lihambisana ngqo nokuzinikela kwethu ekubekeni induku ebandla emkhankasweni kazwelonke wokunciphisa ububha nokungasebenzi ngesigamu ngokuthi kukhuliswe umnotho ngendlela esimeme. Sizobuye futhi sigxile kuzinselelo zengxenye yesibili yomnotho wethu, okuyingxenye ebonakala ngamazinga aphezulu okusweleka kwemisebenzi, ukungabi namakhono, kanye nokuba phansi kwezinga lentuthuko jikelele.
Ezenhlalakahle zenza u 81% wezindleko zesabelo sezimali sesisonke, lokhu kuveza ngokusobala ukuzinikela kwethu ekwethuleni izinsizakalo zezenhlalakahle eziseqophelweni kuzona zonke izakhamuzi zaseGauteng. Sibuye saba imali ezobhekela imikhankaso yengqalasizinda kanye nemikhankaso esungulelwe ukufukula umnotho, ukwakha amathuba emisebenzi kanye nokulwa nobubha kusifundazwe.
Engethemba ukuthi nizokuwuthola uwusizo kakhulu lombhalo egalelweni lokuba niqonde futhi nihlaziye kalula isabelo sezimali sasesiFundazweni saseGauteng sika 2005.
Kungani sidinga isabelo sezimali?
sabelo sezimali yisu eliveza ukuthi zizosetshenziswa kanjani izimali ezikhona.
Isabelo sisivumela ukuba sihlele ukusetshenziswa kwezimali ngendlela ezokwenza sifeze izinhloso esizibekele zona.
Sinesibopho sokugcina umphakathi wazisiwe ngokwenziwa nguhulumeni nokuthi izimali zisetshenziswa kanjani.
Ngokwethula isabelo sezimali siletha futhi isu lokusetshenziswa kwezimali okungakalwa futhi kuhlolwe ngalo ukwenza kukahulumeni.
Ekusebenzisweni ngokugcwele komhlaba wezolimo nasekuxhaseni abalimi abampisholo.
Ukwethulwa kohlelo-jikele nolubumbene lwengqalasizinda ukuze kuqinisekiswe ukwakhiwa kwezakhiwo zomphakathi.
Izakhiwo zomphakathi zingaguqukiswa uma umphakathi uguquka. Isibonelo, izikole kwimiphakathi esikhulile zingaphendulwa zibe yizindawo yokuhlanganela umphakathi.
Ziyini izidingongqangi zesiFundazwe, izimfuneko ezimqoka kanye nezinhlelo ezamukelwe ngu Mkhandlu ophethe kaHulumeni wesifundazwe saseGauteng?
Ukukhuthaza ukudliwa kokudla okunomsoco nokuphila impilo enhle neyamkelekile.
Ziyini izidingongqangi zesiFundazwe, izimfuneko ezimqoka kanye nezinhlelo ezamukelwe ngu Mkhandlu ophethe kaHulumeni wesifundazwe saseGauteng?
Siyitholaphi imali yethu?
Siyisebenzisa kanjani imali yethu?
Siyisebenzisa kanjani imali yethu?
Siwandise kuphi umthamo wokusetshenziswa kwezimali?
